Babuyela ezonweni zabokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami; balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze; indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda basephulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
UJeremiya 3:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo wazibonakalisa elungile kunoJuda ongathembekile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo. IsiZulu 2020 USimakade wayesethi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo uzibonakalise elungile kimi kunoJuda okhohlisayo. |
Babuyela ezonweni zabokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami; balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze; indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda basephulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.
Ngathi emva kokwenza zonke lezi zinto: Phendukela kimi. Kodwa akabuyanga. Udadewabo okhohlisayo uJuda wakubona.
Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.
Kodwa awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kepha kwaba sengathi kuyinto encane kakhulu, wonakala kunabo ezindleleni zakho zonke.
Lapho udadewabo u-Oholiba ekubona, wayekhohlakele kakhulu ngothando lwakhe oludlulele kunaye, nobufebe bakhe kunodadewabo ebufebeni bakhe.
Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.
Ngokuba u-Israyeli uwile njengethokazi elinhlanhlathayo; manje uJehova uyakuzalusa njengewundlu endaweni ebanzi.