Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, akukho sizwe noma umbuso inkosi yami engathumelanga kuyo ukukudinga; bathi: Kakho; wafunga umbuso nesizwe, ukuthi abakufumananga.
UJeremiya 26:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho inkosi uJehoyakimi nawo onke amaqhawe ayo nazo zonke izikhulu zezwa amazwi ayo, inkosi yazama ukumbulala; kepha u-Uriya esezwile wesaba, wabaleka, waya eGibithe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe. IsiZulu 2020 Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe. |
Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, akukho sizwe noma umbuso inkosi yami engathumelanga kuyo ukukudinga; bathi: Kakho; wafunga umbuso nesizwe, ukuthi abakufumananga.
U-Asa wayesemthukuthelela umboni, wamfaka etilongweni; ngoba wayemthukuthelele ngale ndaba. U-Asa wacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.
Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.
Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lokho, zenyuka zisuka endlini yenkosi zaya endlini kaJehova zahlala phansi ngasemnyango wesango elisha lendlu kaJehova.
Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.
Ngakho izikhulu zathi enkosini: “Siyakucela ukuba lo muntu abulawe, ngokuba wenza buthakathaka kanjalo izandla zamaqhawe asele kulo muzi, nezandla zabo bonke abantu, ngokukhuluma amazwi anje, aze enze lo muntu. Hhayi ukufuna inhlalakahle yalaba bantu, kodwa ubuhlungu.
Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.