Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 22:5
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;


Kepha uma niphambuka, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engiyibeka phambi kwenu, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele;


Le ndlu ephakemeyo iyakuba yisimangaliso kubo bonke abadlula kuyo; ukuze athi: “UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?


Kuyakuthiwa: Ngokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho wabehlisela bonke lobu bubi phezu kwabo.


Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Uthi kubo: Usho kanje uJehova; Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeka phambi kwenu,


AmaKhaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, adiliza izingange zaseJerusalema.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Bhekani, indlu yenu isisala nani.


Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na?


Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga;


Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;