UJeremiya 21:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJeremiya wathi kubo: “Yilokhu eniyakukusho kuZedekiya: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJeremiya wathi kubo: “Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi: IsiZulu 2020 UJeremiya wathi kubo: “Niyakusho kanje kuZedekiya, nithi: |
Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe, akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi owakhuluma ngomlomo kaJehova.
Siceleleni uJehova; ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, uyalwa nathi; uma uJehova esenza kithi njengezimangaliso zakhe zonke, ukuze asuke kithi.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakubuyisela emuva izikhali zempi ezisesandleni senu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezele ngaphandle kwemiduli; izobabuyisela emuva phakathi kwababuthene kulo muzi.
Ngokuba uZedekiya, inkosi yakwaJuda, wamvalela, wathi: “Uprofethelani uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Bheka, ngiyawunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, futhi iyakuwuthatha;