Hambani, ningibuze kuJehova, mina nabantu, noJuda wonke ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba kabalalelanga. Njengamazwi ale ncwadi, senze njengakho konke okulotshiweyo ngathi.
UJeremiya 21:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi elafika kuJehova kuJeremiya lapho inkosi uSedekiya ithuma kuye uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi, ithi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi: IsiZulu 2020 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya ithumele uPhashuri kaMalikhiya noZefaniya, indodana kaMahaseya, umphristi, ethi kuye: |
Hambani, ningibuze kuJehova, mina nabantu, noJuda wonke ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba kabalalelanga. Njengamazwi ale ncwadi, senze njengakho konke okulotshiweyo ngathi.
Amadodana kaJosiya izibulo lalinguJohanani, eyesibili uJehoyakimi, eyesithathu uZedekiya, eyesine uShalumi.
no-Adaya, indodana kaJerohamu, indodana kaPhashuri, indodana kaMalikiya, noMahasayi, indodana ka-Adiyeli, indodana kaJagishera, indodana kaMeshulamu, indodana kaMesilemiti, indodana ka-Imeri;
Ngakho wabehlisela inkosi yamaKhaladiya eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yendlu yabo engcwele, futhi ayizange ihawukele insizwa noma intombi, ixhegu noma okhothama ngenxa yobudala. Akahambanga; wabanika bonke esandleni sakhe.
Abafowabo abenza umsebenzi wendlu babengamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili; no-Adaya indodana kaJerohamu indodana kaPhelaliya indodana ka-Amsi indodana kaZakariya indodana kaPhashuri indodana kaMalikiya,
Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuthi wathumela izincwadi egameni lakho kubo bonke abantu abaseJerusalema, nakuZefaniya, indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, futhi wathi:
Ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu, owayesendlini yezikhulu eyayiphezu kwekamelo likaMahaseya indodana ka-Igidaliya.
UZedekiya indodana kaJosiya wabusa esikhundleni sikaKhoniya indodana kaJehoyakimi owabekwa inkosi ezweni lakwaJuda uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
Inkosi uZedekhiya yasithuma yamkhupha; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Likhona izwi elivela kuJehova na? Wathi uJeremiya: “Kukhona, ngokuba wathi, uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.
Inkosi uZedekiya yathuma uJehukali indodana kaShelemiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi kuJeremiya umprofethi ukuthi: “Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nakhu eniyakukusho enkosini yakwaJuda othumele kimi ukubuza kimi; bheka, impi kaFaro eyaphuma ukunisiza iyakubuyela ezweni layo eGibithe;
Khona-ke uShefathiya, indodana kaMathani, noGedaliya, indodana kaPhashuri, noJukali, indodana kaShelemiya, noPhashuri, indodana kaMalikhiya, bezwa amazwi uJeremiya awakhuluma kubo bonke abantu, wathi:
Inkosi uZedekhiya yasithuma yamthathela uJeremiya umprofethi kuye emnyango wesithathu wendlu ye Nkosi; inkosi yathi kuJeremiya: “Ngizakubuza utho; ungangifihleli lutho.
Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindisango abathathu.