Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
UJeremiya 18:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isitsha abesenza ngobumba sonakala esandleni sombumbi; ngalokho wabuye wenza enye into njengokubonakala kukuhle emehlweni ombumbi ukulenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze. IsiZulu 2020 Kepha isitsha ayesenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi. Wabuye wenza esinye isitsha kabusha njengalokhu ayefisa ukuba asenze. |
Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
O ndlu ka-Israyeli, anginakwenza kini njengalo mbumbi na? kusho uJehova. Bhekani, njengobumba esandleni sombumbi, ninjalo nani esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.