ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.
UJeremiya 16:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ungazithatheli umfazi, futhi ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.” IsiZulu 2020 “Ungazithatheli umfazi, ungazali madodana namadodakazi kule ndawo.” |
ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.
Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana, nangamadodakazi azalelwa kule ndawo, nangonina abawazalayo, nangoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:
Thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, ninike amadodakazi enu amadoda, azale amadodana namadodakazi; ukuze nande khona, ninganciphi.
Wabiza izesaba zami nxazonke njengosuku lomkhosi, kwaze kwathi ngosuku lolaka lukaJehova akubangakho owaphunyukayo noma owasalayo;
Kodwa maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! ngokuba kuyakuba-khona ukuhlupheka okukhulu ezweni nolaka phezu kwalaba bantu.
Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga.