UJeremiya 15:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Insimbi ingayiphula yini insimbi yasenyakatho nensimbi? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Umuntu angaphula insimbi yini, insimbi yasenyakatho, nethusi, na? IsiZulu 2020 “Insimbi ingephuka yini, insimbi evela enyakatho, nethusi na? |
Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari, inkosi yaseBabele; ziyakumkhonza, futhi ngamnika nezilwane zasendle.
Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela oLwandle Olukhulu niyakukhomba intaba yaseHori;