Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 13:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngase ngiya e-Ewufrathe, ngemba, ngalithatha ibhande endaweni engangilifihle kuyo; bheka, ibhande lalibhidlikile, lalingaselusizo lwalutho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngaya ePheratha, ngemba, ngayithatha indwangu yasokhalo lapho ngangiyifihle khona, bheka, indwangu yasokhalo yayonakele, ingasenamsebenzi walutho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 13:7
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa thina sonke sinjengento engcolileyo, lokulunga kwethu konke kunjengendwangu engcolileyo; futhi sonke siyabuna njengeqabunga; nobubi bethu bususile njengomoya.


Laba bantu ababi abala ukulalela amazwi ami, abahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandele abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhulekele, bayakuba njengaleli bhande eliyize.


Kwathi emva kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulithathe lapho ibhande engakuyala ukuba ulifihle khona.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Okwakukade kungasizi kuwe, kepha manje kuyasiza kuwe nakimi;