UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.
UJeremiya 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Usho kanje uJehova, uthi: “Ningafundi indlela yabezizwe, ningesabi izibonakaliso zezulu; ngoba abezizwe bayabesaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba. IsiZulu 2020 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba. |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.
Futhi okufika enhliziyweni yenu akuyikuba-khona nhlobo, ukuthi nithi: Siyakuba njengezizwe, njengezizukulwane zamazwe, ukukhonza imithi namatshe.
Njengokwezenzo zezwe laseGibithe enahlala kulo, aniyikwenza; futhi ningenzi njengokwenza kwezwe laseKhanani enginiyisa kulo; futhi aniyikuhamba ngezimiso zabo.
Akumelwe nihambe ngezindlela zesizwe engisixosha phambi kwenu; ngokuba benze zonke lezi zinto, ngase ngibenyanya.
Lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungafundi ukwenza izinengiso zalezo zizwe.
Ngathi kini: NginguJehova uNkulunkulu wenu; ningabesabi onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha anililalelanga izwi lami.