UJeremiya 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe. IsiZulu 2020 Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe. |
Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo.
Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.
Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.
INkosi yamabandla izababusisa ngokuthi: Babusisiwe abantu bami iGibhithe, lomsebenzi wezandla zami iAsiriya, lelifa lami uIsrayeli.
Mina ngakha ukukhanya, ngidala ubumnyama; Ngenza ukuthula, ngidala ububi; Mina Jehova ngenza zonke lezi zinto.
Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngabanikela esandleni sakho; endala wabeka ijoka lakho elinzima kakhulu.
Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owahlukanisa ulwandle, amaza alo ahlokoma; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.
Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.
Usho kanje uJehova, onika ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zibe njengokukhanya ebusuku, odabula ulwandle ukuze kuhlokome amaza alo; NguJehova Sebawoti igama lakhe;
Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,
Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;
Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.
UMsindisi wabo unamandla; nguJehova Sebawoti igama lakhe; Uyolivikela ngokugcwele icala labo lomthetho, anike izwe ukuphumula futhi aphazamise abakhileyo eBhabhele.
Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.
UJehova uyodla ifa lesabelo sikaJuda ezweni elingcwele futhi aphinde akhethe iJerusalema.