Wathi: “Yizwani-ke izwi likaJehova: Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.
UJeremiya 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. IsiZulu 2020 Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli. |
Wathi: “Yizwani-ke izwi likaJehova: Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.
Yizwani bantu bami, ngiyakukhuluma; O Israyeli, futhi ngizofakaza ngokumelene nawe: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.
Yizwani izwi likaJehova nina baphathi baseSodoma! lalelani umthetho kaNkulunkulu wethu, bantu baseGomora!
Ngakho zwanini ilizwi likaJehova lina zideleli enibusa phezu kwalababantu abaseJerusalema.
Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ningafundi indlela yabezizwe, ningesabi izibonakaliso zezulu; ngoba abezizwe bayabesaba.
Yizwani izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, zizukulwane zonke zendlu ka-Israyeli.
uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngala masango.
Manje yizwani izwi likaJehova nina nsali yakwaJuda! Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma ubhekisa nokubhekisa ubuso bakho ukungena eGibithe, ugogobale khona;
iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabo bonke abasemagumbini ahlala ehlane; ngoba zonke lezi zizwe azisokile, futhi yonke indlu ka-Israyeli isokile enhliziyweni.
Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.
Manje yizwa izwi likaJehova: Wena uthi: Ungaprofethi ngokumelene no-Israyeli, futhi ungavumeli izwi lakho lehlele indlu ka-Isaka.
Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.