Ukwesabeka kwenu kuyakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; zinikelwe esandleni sakho.
UGenesise 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Konke okuphilayo kuzakuba ngukudla kwenu; njengekhambi eliluhlaza ngikunike konke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza. IsiZulu 2020 Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke. |
Ukwesabeka kwenu kuyakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; zinikelwe esandleni sakho.
Okuzifelayo noma okudweshulwe esilwaneni, makangayidli ukuba azingcolise ngakho; mina nginguJehova.
Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo;
Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.
Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngokudla. Zonke izinto zihlanzekile; kodwa kubi kulowomuntu odla ngokukhubeka.
Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; kuvunyelwe kimi zonke, kepha akwakhi zonke.
Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
Kodwa ungahlaba inyama emasangweni akho wonke, udle konke umphefumulo wakho okufisayo, ngokwesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; inhliziyo.
Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.