UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo ababili ngaphandle.
UGenesise 9:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayibeka emahlombe abo bobabili, bahlehla nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo bubheke emuva, ababonanga ubunqunu bukayise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise. IsiZulu 2020 UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise. |
UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo ababili ngaphandle.
UNowa waphaphama ewayinini lakhe, wakwazi lokho indodana yakhe encane eyayikwenzile kuye.
Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
Nikani bonke okubafaneleyo; inkokhiso kubani; ukwesaba kokwesabayo; udumo kubani ukudunyiswa.
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.
Amalunga aphatha kahle makabalwe njengabafanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo asebenza kanzima ezwini nasekufundiseni.
Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.
Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.
Phezu kwakho konke yibani nothando oluvuthayo phakathi kwenu, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.