Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.
UGenesise 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni; IsiZulu 2020 Uzamcolo waqala emhlabeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa. |
Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.
Bese nginisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi zonke izinto eziphilayo engizenzile ngizozibhubhisa emhlabeni.
Zangena ngazimbili kuNowa emkhunjini, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.