U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
UGenesise 6:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza. IsiZulu 2020 UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze. |
U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
Ezingenayo, kwangena iduna nensikazi kuyo yonke inyama, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wamfaka.
Zangena ngazimbili kuNowa emkhunjini, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo; njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose.
Lapho bengena etendeni lokuhlangana nalapho besondela e-altare bageza; njengalokho uJehova emyalile uMose.