Kodwa ngizamisa isivumelwano sami loIsaka, uSara azakuzalela yena ngalesisikhathi esimisiweyo ngomnyaka olandelayo.
UGenesise 6:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ngizamisa isivumelwano sami lawe; uyakungena emkhunjini, wena namadodana akho nomkakho nabafazi bamadodana akho kanye nawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. IsiZulu 2020 Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo, |
Kodwa ngizamisa isivumelwano sami loIsaka, uSara azakuzalela yena ngalesisikhathi esimisiweyo ngomnyaka olandelayo.
Mina-ke, bheka, isivumelwano sami sikuwe, futhi uyakuba nguyise wezizwe eziningi.
Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.
Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.
Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini;
UNowa wangena emkhunjini, namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe kanye naye, emkhunjini ngenxa yamanzi kazamcolo.
Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango; zifihle ngokuphazima kweso, kuze kuphele ulaka.
Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.
futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;