UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.
UGenesise 6:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zenzele umkhumbi ngokhuni lwegofere; Uyakwenza amakamelo emkhunjini, uwugcobe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yakha umkhumbi ngemithi yegofere,* wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.* IsiZulu 2020 Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle. |
UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.
Nansi indlela okumelwe uwenze ngayo: Ubude bomkhumbi kumelwe bube yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi amahlanu nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu.
Kwathi engasakwazi ukumfihla, wamthathela umphongolo wemizi, wawumboza ngodaka nangekolitayi, wamlalisa kuwo umntwana; wayibeka emhlangeni ngasosebeni lomfula.
Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.