Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
UGenesise 50:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zaphelela kuye izinsuku ezingamashumi amane; ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa; abaseGibithe bamlilela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa. IsiZulu 2020 Kwaphela izinsuku ezingama-40, okuyizinsuku zokugqumisa. AbaseGibhithe bamlilela izinsuku ezingama-70. |
Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Kwathi seziphelile izinsuku zokulila kwakhe, uJosefa wakhuluma endlini kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, khulumani ezindlebeni zikaFaro, nithi:
Lapho yonke inhlangano ibona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu ka-Israyeli.
Kumelwe asuse ingubo yakhe yokuthunjwa futhi ahlale endlini yakho alilele uyise nonina inyanga yonke; emva kwalokho ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.