UJosefa wazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
UGenesise 48:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje amadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; njengoRubeni noSimeyoni bayakuba ngabami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami. IsiZulu 2020 “Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni. |
UJosefa wazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
Kwathi emva kwalezi zinto omunye wathi kuJosefa: Bheka, uyihlo uyagula; wathatha amadodana akhe amabili, oManase no-Efrayimi, kanye naye.
Futhi inzalo yakho oyoyizala ngemva kwabo iyoba ngeyakho futhi ibizwe ngegama labafowabo efeni layo.
Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.
Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili.
Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele, nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
Bayakuba ngabami, usho uJehova Sebawoti, ngalolo suku lapho ngenza khona amatshe ami aligugu; futhi ngizobayeka njengoba umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.
Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi; u-Elishama indodana ka-Amihudi wakwaManase; uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Njalo ngizakuba nguYihlo, lina lizakuba ngamadodana lamadodakazi ami, itsho iNkosi uSomandla.
esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe;
Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe.
Bese uhlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwe sakwaManase,
Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.