Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
UGenesise 48:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ngakunika isabelo esisodwa ngaphezu kwabafowenu, engabathatha ngenkemba yami nomnsalo wami esandleni sama-Amori. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.” IsiZulu 2020 Wena-ke ngikwabela okuthe xaxa kunabafowenu; ingxenye engayithatha ezandleni zama-Amori ngenkemba nangomnsalo wami.” |
Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
Wathenga isiqephu sezwe lapho agxumeka khona itende lakhe esandleni sabantwana bakwaHemori uyise kaShekemi ngezinhlamvu eziyikhulu zemali.
Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, nalokho okwakusemzini, nalokho okwakusendle,
Ngokuba uJuda waba namandla phezu kwabafowabo, kwaphuma kuye umbusi; kodwa ubuzibulo babungobukaJosefa.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili.
Kodwa ngabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ubude bawo bunjengobude bemisedari, laqina njengezihlahla zeturpentine; kodwa ngasichitha isithelo sawo phezulu lezimpande zawo ngaphansi.
Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
Kodwa indodana yomuntu ozondwayo kumelwe ivume njengezibulo ngokuyinika ingxenye ephindwe kabili yakho konke elakho; ngokuba uyisiqalo samandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelakhe.
Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.
Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli;