UJosefa waqamba izibulo ngokuthi uManase, ngokuba wathi uNkulunkulu ungenze ngakhohlwa konke umshikashika wami nayo yonke indlu kababa.
UGenesise 48:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi engomncane, nesandla sakhe sokhohlo ekhanda likaManase, eqondisa izandla zakhe ngokuhlakanipha; ngoba uManase wayelizibulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo. IsiZulu 2020 Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo. |
UJosefa waqamba izibulo ngokuthi uManase, ngokuba wathi uNkulunkulu ungenze ngakhohlwa konke umshikashika wami nayo yonke indlu kababa.
Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.
UJosefa wazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
UJosefa wayesebabamba bobabili, u-Efrayimi ngesandla sakhe sokunene ngakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, ngakwesokunene sika-Israyeli, wabaletha kuye.
UJosefa esebona ukuthi uyise ubeke isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwakungalungile kuye;
UJosefa wayesethi kuyise: “Qha, baba, ngokuba lo uyizibulo; beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.
Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Isandla sokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu.
Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.
Ibhanela lekamu lika-Efrayimi liyakuba ngasohlangothini lwasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elisama indodana ka-Amihudi.
Kumelwe ulethe amaLevi phambi kukaJehova, futhi abantwana bakwa-Israyeli kumelwe babeke izandla zabo phezu kwamaLevi.
Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
Kwase kulethwa kuye abantwana abancane ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; abafundi babakhuza.
Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Kwathi selishona ilanga, bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; wabeka izandla phezu kwabo bonke, wabaphulukisa.
UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala.
Ungasheshi ubeke izandla phezu komuntu, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine uhlanzekile.