Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.
UGenesise 46:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Israyeli wasuka nakho konke anakho, wafika eBeri Sheba, wanikela imihlatshelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka. IsiZulu 2020 U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo. |
Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.
U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.
Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba; ngoba lapho bafunga bobabili.
U-Abhrahama wahlanyela umthi eBherisheba, wakhuleka khona ibizo leN kosi uNkulunkulu waphakade.
U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho;
Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.
UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.
Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.
Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo.
U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe.
Wayesethi u-Israyeli: “Sekwanele; Indodana yami uJosefa isaphila: Ngizohamba ngimbone ngingakafi.
UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.
Kwathi seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathumela wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo wonke; ngokuba uJobe wathi: “Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo; Ngakho uJobe waqhubeka enza kanjalo.
Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.
Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.
Ngamnika u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; kepha uJakobe kanye nabantwana bakhe behlela eGibithe.
Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe umprofethi kaJehova.
Igama lezibulo lakhe lalinguJoweli; igama lowesibili lalingu-Abiya; babengabahluleli eBeri Sheba.