Wabafulathela, wakhala; wabuye wabuyela kubo, wakhuluma kubo, wamthatha uSimeyoni kubo, wambopha phambi kwamehlo abo.
UGenesise 45:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa. IsiZulu 2020 Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro. |
Wabafulathela, wakhala; wabuye wabuyela kubo, wakhuluma kubo, wamthatha uSimeyoni kubo, wambopha phambi kwamehlo abo.
UJosefa washesha; ngoba izibilini zakhe zinxanela umfowabo, wadinga lapho angakhala khona; wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.
Wawela entanyeni kaBhenjamini umfowabo, wakhala; uBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.
Ngaphezu kwalokho, wabanga bonke abafowabo wakhala phezu kwabo; ngasemuva abafowabo bakhuluma kuye.
UJosefa walungisa inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni, wammisa phambi kwakhe; wawela entanyeni yakhe wakhala isikhathi eside entanyeni yakhe.
Ngiyakuncenga, Jehova, khumbula ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho. UHezekiya wakhala kamunyu.
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.
Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.
UJehova uyaninika ukuba nithole ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yendoda yakhe. Wabe esebanga; badazuluka bakhala.