nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.
UGenesise 45:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, IsiZulu 2020 Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho. |
nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.
UJosefa wayesefika wamtshela uFaro lokho, wathi: “Ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bevela ezweni laseKhanani; bheka, basezweni laseGosheni.
UJosefa wondla uyise nabafowabo nendlu yakhe yonke ngesinkwa ngokwezizukulwane zabo.
Bathi kuFaro: “Ngokuba size ukugogobala ezweni; ngokuba izinceku zakho azinadlelo lemihlambi yazo; ngoba indlala inzima elizweni leKhanani. Manje izinceku zakho mazihlale ezweni laseGosheni.
Izwe laseGibhithe liphambi kwakho; endaweni enhle kakhulu yezwe kahlale uyihlo nabafowenu; mabahlale ezweni laseGosheni; uma wazi okuthile phakathi kwabo, ubamise babe ngababusi phezu kwezinkomo zami.
Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayengowesibili kwenkosi u-Ahashiveroshi, emkhulu phakathi kwabaJuda, wathokozisa uquqaba lwabafowabo, wafuna ingcebo yabantu bakhe, wakhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yakhe.
Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.
Ezweni laseGosheni kuphela, lapho kwakukhona abantwana bakwa-Israyeli, akubangakho sichotho.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.