UNkulunkulu, uMninimandla onke, makaniphe umusa phambi kwalowo muntu, ukuze animukise umfowenu omunye noBenjamini. Uma ngiphucwa izingane zami, ngigetshengwa.
UGenesise 44:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafunisisa, waqala komkhulu, washiya komncane; indebe yafunyanwa ekhukhwini likaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini. IsiZulu 2020 Induna yaqala ukucinga ezibulweni, yagcina ngothunjana. Indebe yatholakala esakeni likaBhenjamini. |
UNkulunkulu, uMninimandla onke, makaniphe umusa phambi kwalowo muntu, ukuze animukise umfowenu omunye noBenjamini. Uma ngiphucwa izingane zami, ngigetshengwa.
Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo, omncane njengobuncane bakhe; amadoda amangala wodwa.
Base beshesha, kwaba yilowo nalowo wakhumula isikhwama sakhe phansi, kwaba yilowo nalowo wavula isikhwama sakhe.
Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yengqoloyi yakhe. Futhi wenza njengezwi uJosefa ayelikhulumile.