UGenesise 42:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuvivinywa ngalokhu: Kuphila kukaFaro aniyikusuka lapha, uma umfowenu omncane engezi lapha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha. IsiZulu 2020 Ngimfunge uFaro, nizovivinywa ngalokhu, ngeke nihambe uma umfowenu omncane engafiki lapha. |
Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe;
Kodwa lilethe kimi umfowenu olicinathunjana; ngakho amazwi enu ayakuqiniswa, futhi aniyikufa. Benza kanjalo.
Nilethe umfowenu omncane kimi; khona ngiyakwazi ukuthi anisizo izinhloli, kodwa ukuthi ningamadoda angempela; ngalokho ngiyakuhlenga wena, umfowenu, uhwebe ezweni.
UJosefa wababona abafowabo, wabazi, kepha wazenza ongabazi kubo, wakhuluma kalukhuni kubo; wasesithi kubo: Livela ngaphi? Basebesithi: Sivela elizweni leKhanani ukuyathenga ukudla.
UJuda wakhuluma kuye, wathi: “Lowo muntu wasola kithi, wathi: “Aniyikubona ubuso bami, uma umfowenu engekho kini.”
Kodwa uma ungamthumi, asiyikwehla; ngoba lowomuntu wathi kithi: Kaliyikubona ubuso bami ngaphandle kokuthi umfowenu elaye.
Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi, noma izulu, noma umhlaba, noma esinye isifungo; noCha wenu, cha; funa niwele ekwahlulelweni.
Wathi: “O nkosi yami, zonke izinsuku zomphefumulo wakho usaphila, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi nawe lapha, wakhuleka kuJehova.”
Lapho uSawule ebona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, iyindodana kabani le nsizwa na? U-Abineri wayesethi: “Kuphila komphefumulo wakho, nkosi, angikwazi ukusho.
UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi impela ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; wathi: “UJonathani makangakwazi lokho, funa abe lusizi; kodwa kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, kukhona isinyathelo esisodwa phakathi kwami nokufa.