Saphupha iphupho ngabusuku bunye, mina naye; saphupha, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe.
Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.
Ngabusuku bunye saphupha, yilowo nalowo iphupho elinencazelo eyehlukile kwelomunye.
Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola;