Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.
UGenesise 41:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni. IsiZulu 2020 Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni. |
Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.
Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo.
ULabani wathi kuye: “Ngempela, uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala naye inyanga yonke.
Wabaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, wabhekisa ubuso bakhe ezintabeni zakwaGileyadi.
Baphupha iphupho bobabili, yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, owayeboshiwe etilongweni.
Bheka, kwakhuphuka emfuleni izinkomo eziyisikhombisa ezinhle namanoni enyama; badla edlelweni.
Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi.
UFaro wayala bonke abantu bakhe, wathi: “Wonke amadodana azozalwa niwaphonse emfuleni iNayile, nawo wonke amadodakazi niwasindise ephila.
Uma nabo bengakholwa yilezi zibonakaliso ezimbili, bengalilaleli izwi lakho, uyakuthabatha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo namanzi owamukileyo; lomfula uyakuba yigazi emhlabathini owomileyo.
Khuluma uthi: Itsho njalo iNkosi; Bheka, nginakho ngawe, Faro, nkosi yaseGibithe, udrako omkhulu olele phakathi kwemifula yakhe, owathi: ‘Umfula wami ungowami, ngizenzele wona ngokwami.’
Izwe laseGibithe liyakuba yihlane nehlane; bayakwazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, ngiwenzile.
Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.
Ngokuba izwe eningena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengensimu yemifino.