AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
UGenesise 40:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yemilindankosi yamyala uJosefa, wabasebenzela; bahlala esitokisini isikhathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana. IsiZulu 2020 Induna yabalindi benkosi yamqoka uJosefa ukuba azibheke, nokuba abhekane nezidingo zazo, kwaba yisikhashana zivalelwe. |
AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona.
Baphupha iphupho bobabili, yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, owayeboshiwe etilongweni.