UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
UGenesise 40:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa. IsiZulu 2020 Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa. |
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
Inkosi kaJosefa yamthatha yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwe khona; wayelapho etilongweni.
Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; futhi noma yini ababeyenza lapho, wayeyenza.
Umlindi wetilongo akabhekanga lutho olusesandleni sakhe; ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo, uJehova wakuphumelelisa.
Induna yemilindankosi yamyala uJosefa, wabasebenzela; bahlala esitokisini isikhathi.
UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe, wangifaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, mina nenduna yababhaki.