U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uSeti. Ngokuba uNkulunkulu, wathi, ungimisele enye inzalo esikhundleni sika-Abela owabulala uKhayini.
UGenesise 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala. IsiZulu 2020 UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala. |
U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uSeti. Ngokuba uNkulunkulu, wathi, ungimisele enye inzalo esikhundleni sika-Abela owabulala uKhayini.
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili, axabana wodwa endle, akwabakho owawahlukanisa; kodwa omunye watshaya omunye wambulala.
U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
UJoramu esesukile embusweni kayise, waziqinisa, wabulala bonke abafowabo ngenkemba, nabanye bezikhulu zakwa-Israyeli.
oSanibhalati noGesemi bathumela kimi ukuthi: “Woza, sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Kodwa bacabanga ukungilimaza.
Ngoba ngalesosikhathi uzaphakamisa ubuso bakho bungelasici; yebo, kufanele niqine futhi ningesabi;
Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.
Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.
Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.
Kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owafela phakathi kwe-altare nethempeli. Ngiqinisile ngithi kini: Liyakubizwa kulesi sizukulwane.
Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.