Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.
UGenesise 4:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yasisithi kuKayini: Uthukuthelelani? kungani ubuso bakho bunyukubele? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? IsiZulu 2020 USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uthukutheleleni na? Bunyukubaleleni ubuso bakho na? |
Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.
Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.
O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?
Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?
UNkulunkulu wasesithi kuJona: Kuhle yini ukuthi uthukuthelele umhlakuva? Wathi: “Kuhle ukungithukuthelela kuze kube sekufeni.”
Angivunyelwa yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami? Iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle?