U-Isaka wafa, wabuthelwa kubantu bakubo, esemdala, eseneminyaka eminingi; amadodana akhe o-Esawu noJakobe bammbela.
UGenesise 36:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Oholibama wazala oJewusi, noJalamu, noKora; lawo angamadodana kaEsawu azalelwa wona ezweni laseKhanani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani. IsiZulu 2020 u-Oholibhama wamzalela uJewushi, uJalamu noKhora. Yilawo-ke amadodana ka-Esawu awazalelwa eseseKhanani. |
U-Isaka wafa, wabuthelwa kubantu bakubo, esemdala, eseneminyaka eminingi; amadodana akhe o-Esawu noJakobe bammbela.
Lawa angamadodana ka-Oholibama, indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu; wazala u-Esawu uJewusi noJalamu noKora.
Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu; isikhulu esinguYehu, isikhulu esinguYalam, isikhulu esinguKora; zizo ezo izikhulu zakwa-Oholibhama, indodakazi ka-Ana, umkaEsawu.
U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabo bonke abantu bendlu yakhe, nezinkomo zakhe, nemfuyo yakhe yonke, nayo yonke impahla yakhe ayithola ezweni laseKhanani; waya ezweni ephuma ebusweni bomfowabo uJakobe.