Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
UGenesise 36:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu, lo ngu-Edomi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi. IsiZulu 2020 Nanku umlando wezizukulwane zika-Esawu obuye abizwe ngo-Edomi. |
Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
Ngubani lo ovela kwa-Edomi, nezingubo ezidayiwe zaseBozira na? lowo okhazimulayo engutsheni yakhe uhamba ebukhulu bamandla akhe? Mina engikhuluma ngokulunga nginamandla okusindisa.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuthi u-Edomi wenze impindiselo phezu kwendlu yakwaJuda, wacasuka kakhulu, waziphindiselela kubo;
Awuyikunengwa umEdomi; ngoba ungumfowenu; ungamzondi umGibhithe; ngoba wawungowemzini elizweni lakhe.
USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha.