Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bamkhipha uDina endlini kaShekemi, baphuma.
UGenesise 34:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngosuku lwesithathu sebehlupheka, amadodana amabili kaJakobe, uSimeyoni noLevi, abafowabo bakaDina, bathatha kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, behla emzini ngesibindi, babulala bonke abantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu, amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa. IsiZulu 2020 Kwathi ngosuku lwesithathu isabhokile iminjunju yokusokwa, amadodana kaJakobe, uSimeyoni noLevi, abafowabo bakaDina, bathatha kwaba yilowo nalowo inkemba, baphuma bayohlasela umuzi iShekhemu isinyelela, bashaya icole kwabesilisa. |
Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bamkhipha uDina endlini kaShekemi, baphuma.
Kodwa uHezekhiya kaphindiselanga njengomusa awenzelwe kuye; ngoba inhliziyo yakhe yayiziphakamisile; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, neJerusalema.
Manje bulalani bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale wonke owesifazane owazi indoda ngokulala nayo.
Balwa nabakwaMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose; babulala bonke abesilisa.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.
Kwathi sebeqedile ukusoka abantu bonke, bahlala ezindaweni zabo ekamu baze baphola.