Ungalokothi ungicele ilobolo nesipho esingaka, futhi ngizokunika njengokusho kwakho kimi; kodwa nginike intombi ibe ngumkami.
UGenesise 34:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaJakobe abaphendula ngamanga oShekemi noyise uHamori, ethi, ngokuba engcolisile udadewabo uDina; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili, akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo, IsiZulu 2020 Amadodana kaJakobe aphendula uShekhemu noyise uHamori ngobuqili, ngokuba wayengcolise udadewabo uDina. |
Ungalokothi ungicele ilobolo nesipho esingaka, futhi ngizokunika njengokusho kwakho kimi; kodwa nginike intombi ibe ngumkami.
Bathi kubo: “Asinakukwenza lokho ukuba udadewethu simnike umuntu ongasokanga; ngoba kuyihlazo kithi.
Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
Omubi ubanjwa ngesiphambeko sezindebe zakhe, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.
ngokweqa uJehova, nokuqamba amanga, nokuhlubuka kuNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokuhlubuka, nokukhuluma inkohliso namazwi angamanga asuka enhliziyweni.
Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
USamsoni wasesithi ngabo: Khathesi-ke ngizaba msulwa njengamaFilisti, loba ngiwenza okubi kiwo.