Nginezinkomo nezimbongolo, nezimvu, nezigqila, nezincekukazi; ngathumela ukutshela inkosi yami lokho, ukuze ngithole umusa emehlweni akho.
UGenesise 33:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Uthini ngazo zonke lezi zinkomo engihlangane nazo na?” Wathi: “Bayakufumana umusa emehlweni enkosi yami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi: “Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na?” Wathi: “Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.” IsiZulu 2020 U-Esawu wathi: “Ngabe iyini injongo yakho ngayo yonke le mihlambi engihlangane nayo na?” Wamphendula wathi: “Ukuba ngithole umusa enkosini yami.” |
Nginezinkomo nezimbongolo, nezimvu, nezigqila, nezincekukazi; ngathumela ukutshela inkosi yami lokho, ukuze ngithole umusa emehlweni akho.
Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Sifikile kumfowenu u-Esawu, naye uze ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”
ULeya nabantwana bakhe basondela, bakhothama; ngemva kwalokho uJosefa noRaheli basondela, bakhothama.
Kusukela esikhathini eyambeka ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wayibusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasiphezu kwakho konke okwayo endlini nasensimini.
Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti.