ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkulu lalinguLeya, igama lencinyane lalinguRaheli.
UGenesise 33:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngemuva, noRaheli noJosefa ngemuva. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni. IsiZulu 2020 Wabeka izancinza nabantwana bazo phambili, kwalandela uLeya nabantwana bakhe, kwagcina uRaheli noJosefa. |
ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkulu lalinguLeya, igama lencinyane lalinguRaheli.
Naye wangena noRaheli, wathanda uRaheli kunoLeya, wakhonza naye eminye iminyaka eyisikhombisa.
UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabona, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela uLeya noRaheli nezincekukazi zombili.
Wasedlula phambi kwabo wakhothamela emhlabathini kasikhombisa waze wasondela kumfowabo.
U-Israyeli wamthanda uJosefa ngaphezu kwabo bonke abantwana bakhe, ngokuba wayeyindodana yobudala bakhe; wamenzela ingubo enemibala eminingi.
Unyoko uyakuba namahloni kakhulu; uyakujabha owakuzalayo; bheka, ekugcineni kwezizwe kuyakuba yihlane, izwe elomileyo, nogwadule.
Bayakuba ngabami, usho uJehova Sebawoti, ngalolo suku lapho ngenza khona amatshe ami aligugu; futhi ngizobayeka njengoba umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.