Lowo muntu wanda kakhulu, waba nezinkomo eziningi, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.
UGenesise 33:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thathani isibusiso sami esilethwa kini; ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa, nangenxa yokuthi nginokuningi. Wamncenga, wakwamukela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke. IsiZulu 2020 Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.” UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe. |
Lowo muntu wanda kakhulu, waba nezinkomo eziningi, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.
Wathi uJakobe: “Qha, uma ngifumene umusa emehlweni akho, thatha isipho sami esandleni sami; ngoba ngalokho ngibone ubuso bakho kungathi ngibonile ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.
Bamcindezela waze waba namahloni, wathi: “Thuma!” Basebethuma amadoda angamashumi amahlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.
Wayesethi uNahamani: “Suka, uthathe amathalenta amabili.” Wamncenga, wabophela amatalenta amabili esiliva emasakeni amabili, nezingubo zangaphansi ezimbili, wakubeka phezu kwezinceku zakhe ezimbili; bathwala phambi kwakhe.
Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami.
njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.
Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.
Wathi: “Ngiphe isibusiso; ngoba unginikile iNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. Wamnika imithombo yasenhla nemithombo yaphansi.
Wathi kuye: “Nginike isibusiso, ngokuba unginike izwe laseNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. UKalebi wamnika imithombo yasenhla nemithombo yangezansi.
Manje-ke, lesi sibusiso inceku yakho esilethe enkosini yami, masinikwe nezinsizwa ezilandela inkosi yami.
UDavida esefikile eZikilagi, wathuma enye empangweni kubadala bakoJuda kubangane bakhe, wathi: Khangelani, kukhona isipho senu empangweni yezitha zikaJehova;