URaheli wayesethi: “UNkulunkulu wangihola, wezwa izwi lami, wangipha indodana; yingakho wambiza ngokuthi uDani.
UGenesise 30:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesibili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesibili. IsiZulu 2020 UBhiliha isisebenzi sikaRaheli saphinda sakhulelwa, samzalela uJakobe enye indodana. |
URaheli wayesethi: “UNkulunkulu wangihola, wezwa izwi lami, wangipha indodana; yingakho wambiza ngokuthi uDani.
Wayesethi uRaheli: “Ngabambana nodadewethu ngokushikashikana okukhulu, ngamnqoba, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.”
Lawa angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; yonke imiphefumulo yayiyisikhombisa.
Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali, uyakuba nesabelo.
Kubantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngemindeni yabo ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;