Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngakukhonza kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.”
UGenesise 30:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana. IsiZulu 2020 UBhiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana. |
Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngakukhonza kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.”
URaheli wayesethi: “UNkulunkulu wangihola, wezwa izwi lami, wangipha indodana; yingakho wambiza ngokuthi uDani.
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
Lawa angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; yonke imiphefumulo yayiyisikhombisa.
Laba bangabantwana bakoIsrayeli; oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,
Kubantwana bakwaDani ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;
Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: esizweni sakwaRubeni; u-Elisuri indodana kaSedewuri.
U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.