UGenesise 30:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uLeya: “Ngiyajabula, ngokuba amadodakazi ayakuthi ngibusisiwe; waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri. IsiZulu 2020 ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri. |
Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.
Amadodana ka-Asheri: UJimna, noJisuwa, noIshivi, noBeriya, noSeraki, udadewabo; namadodana kaBeriya; uHebere noMalikiyeli.
Ku-Asheri isinkwa sakhe siyakuba ngamanoni, futhi uyonika izibiliboco zasebukhosini.
Juba lami, opheleleyo wami munye; nguye yedwa kunina, okhethiweyo wakhe owamzalayo. Amadodakazi ambona futhi ambusisa; yebo, amakhosikazi nezancinza, bamdumisa.
Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.