Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.
UGenesise 28:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha amatshe kuleyondawo, wawabeka phansi emicamelweni yakhe, walala kuleyo ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo. IsiZulu 2020 Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala. |
Kwathi selishona ilanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, wehlelwa yingebhe yobumnyama obukhulu.
UJakobe wavuka ekuseni kakhulu, wathatha itshe abelibeke emcamelweni wakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha phezu kwalo.
Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.
UJakobe wayesethi kubafowabo: “Buthani amatshe; bathatha amatshe, benza inqwaba; badla khona phezu kwenqwaba.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Ngokuba njengalokhu izinhlupheko zikaKristu zivama kithi, kanjalo nenduduzo yethu kuvama ngoKristu.