Kumelwe ukuyise kuyihlo, ukuze adle, futhi ukuze akubusise ngaphambi kokuba afe.
UGenesise 27:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje yana emhlambini, ungithathele khona izinqama ezimbili ezinhle; ngizamenzela uyihlo ukudla okumnandi njengokuthanda kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yana emhlambini, ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo, IsiZulu 2020 Hamba uye emhlanjini, ufike ungithathele amazinyane amabili ekhethelo, ukuze ngiphekele uyihlo isilovela esehla esiphundu, njengoba esithanda, |
Kumelwe ukuyise kuyihlo, ukuze adle, futhi ukuze akubusise ngaphambi kokuba afe.
Wayithatha, wayiyisa kunina; unina wenza inyama emnandi njengokuthandwa kukayise.
Ungenzele ukudla okumnandi njengokukuthanda kwami, ukulethe kimi, ngidle; ukuze umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.
UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.”
UJese wathatha imbongolo, ithweswe isinkwa, nesaka lewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngoDavide indodana yakhe.