Wayithatha, wayiyisa kunina; unina wenza inyama emnandi njengokuthandwa kukayise.
UGenesise 27:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 URebeka wayesethatha izingubo ezinhle ku-Esawu indodana yakhe enkulu, owayenaye endlini, wamembathisa uJakobe indodana yakhe encane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane. IsiZulu 2020 URibheka wathatha izingubo zakwanokusho zika-Esawu indodana yakhe endala, ayezibeke endlini yakhe, wazigqokisa uJakobe. |
Wayithatha, wayiyisa kunina; unina wenza inyama emnandi njengokuthandwa kukayise.
Wasondela, wamanga, wezwa iphunga lezingubo zakhe, wambusisa, wathi: “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu eyibusisile uJehova.”
Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;
Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphakeme emasinagogeni, nezihlalo eziphambili ekudleni;