Wakha khona i-altare, wabiza igama likaJehova, wamisa itende lakhe khona; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.
UGenesise 26:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalolo suku izinceku zika-Isaka zafika, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sithole amanzi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika-Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sitholile amanzi.” IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku kwafika izinceku zika-Isaka, zambikela ngomthombo ezaziwumbile, zathi: “Sithole amanzi.” |
Wakha khona i-altare, wabiza igama likaJehova, wamisa itende lakhe khona; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.
Basebevuka ekuseni kakhulu, bafunga omunye komunye; u-Isaka wabamukisa, basuka kuye ngokuthula.
Wayibiza ngokuthi iSeba; ngalokho igama lomuzi liyiBeri Sheba kuze kube namuhla.
Osebenza ngesandla esibuthakathaka uba mpofu, kepha isandla sabakhutheleyo siyacebisa.
Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.