Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.
UGenesise 26:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabenzela idili, badla, baphuza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabenzela idili, badla, baphuza. IsiZulu 2020 Wabalungisela indumezulu yedili, badla, baphuza. |
Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.
Umntwana wakhula walunyulwa; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.
Basebevuka ekuseni kakhulu, bafunga omunye komunye; u-Isaka wabamukisa, basuka kuye ngokuthula.
UJakobe wenza umhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala entabeni ubusuku bonke.
UJetiro, umukhwe kaMose, wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuba badle isinkwa nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.
Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;