UGenesise 26:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; ngakho-ke abaxabananga; wayibiza ngokuthi iRehoboti; wathi: “Ngokuba manje uJehova usesenzele indawo, futhi siyakuzala ezweni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti,* wathi: “Ngokuba uJehova usenzele indawo; siyakwanda ezweni.” IsiZulu 2020 Wasuka wayokumba omunye umthombo; kulowo abambangisanga, ngakho-ke wawuqamba ngokuthi yiRehobhothi, ngokuba wathi: “Manje uSimakade usesinike indawo ebanzi, wasenza sanda ezweni.” |
Futhi uNkulunkulu uSomandla akubusise futhi akwenze uzale futhi akwandise, ukuze ube yisixuku sabantu;
Eyesibili wayiqamba igama lokuthi u-Efrayimi, ngokuba uNkulunkulu wangenza ngazala ezweni losizi lwami.
Ngambiza uJehova ngisekuhluphekeni; uJehova wangiphendula, wangibeka endaweni enkulu.
Wangikhipha wangiyisa endaweni enkulu; Wangisindisa, ngokuba wayethokozile ngami.
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.
Abantwana bakwa-Israyeli bazala, banda, banda, baba namandla kakhulu; izwe lagcwala bona.
Ngokuba niyakuphumela ngakwesokunene nangakwesokhohlo; inzalo yakho iyodla ifa lezizwe, ihlale emizini eyincithakalo.