UGenesise 23:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu bezwe, wathi: “Kepha uma uthanda ukukunika, ngilalele; ngiyakukunika imali yezwe; yithathe kimi, ngimmbele khona ofileyo wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.” IsiZulu 2020 Wathi ku-Efroni bezwa bonke abantu balelo lizwe: “Ngilalele, ungizwe kahle mfowethu. Ngizokukhokhela yonke imali oyibizayo ngale nsimu. Vuma ukuba ngenze njalo, ukuze ngikwazi ukungcwaba umkami lapho.” |
Wathenga isiqephu sezwe lapho agxumeka khona itende lakhe esandleni sabantwana bakwaHemori uyise kaShekemi ngezinhlamvu eziyikhulu zemali.
Inkosi yasisithi kuArawuna: Hatshi! kodwa ngiyakusithenga kuwe ngentengo; ngiyakunikela kuJehova uNkulunkulu wami iminikelo yokushiswa engeyize. UDavide wathenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.
Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Ningakweleti muntu, kuphela elokuthandana, ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.